Ngithume Nkosi Yami (Zulu)
1
Izwe liyabhubha
Abantu bayaduka
Kodwa ujesu
Ungabasindisa bonke
Bangakhuleka kuye
Abangezwanganga ngaye
Bangezwa ngani
Singabatshelanga
Yithi inkosi sithum'ubani
Ngubani osiyela
Ngithi nangu mina
Nkosi ngithume
2
Nkosi yami Nkosi yami
Nkosi yami Nkosi yami
Nkosi yami Nkosi yam'
Ngifis' ukuhamba nawe
Ngifundis' ukuphila
Ngifundis' ukulalela
Ngifundis' ukuhamba nawe
Wahamba emhlabeni Nkosi yami
Wathath' indlela esiphambanweni
Nami futhi ngothwala sona
Ngifis' ukuhamba nawe
3
Phendukani Phendukani
Phendukani Phendukani
Umbuso wezulu ususondele
Umbuso wezulu ususondele
Yifa no Jesu Vuka naye
Yifa no Jesu Vuka naye
Umbuso wezulu ususondele
Umbuso wezulu ususondele
Izithelo zokuphenduka
Zibonakale empilweni
Isihlahla siyaziwe
Ngezithelo zaso
Umbuso wezulu ususondele
4
Zingathethelelwa zingathethelelwa
Izono zami izono zakho
Vuma zona ngeqiniso
Ujes' angazisusa zonke
Yebo Jesu
Ngikuthanda
5
Wozani wozani makhosi khothamani kuye ujesu
Mkhungeni ngezipho, igolide amakha nenhlaka
Vumani ukuba izinduna zakhe
Ngoba yena uyinkosi phezu konke
Wozani wozani obaba bhekani indodana yomuntu
Wazalw' esibhayeni ompofu, omncane omnene
Mmenza inhloko yomuzi wakho
Ngokuba uyakha ize omshiye ngaphandle
Wozani wozani omama sesizalelwe umntwana
Uyena ongumsindisi wabantu abamlandelayo
Ingane isancela mfundise ngempela
Ukuhamba nojesu indlela eya ezulwini
Wozani wozani abasha nibona izinyawo kakristu
Ujesu unguye indlela iqiniso nempilo
Ozinikelayo akazilahlayo
Kodwa ezuza ikusasa elihle
Wozani wozani bantwana ujesu uyanibiza
Sondela kuye neculo nethemba nothando
Akakh'onamandla nothando njengaye
Nguye engumenzi nomngane wakho
6
Makabongwe unkulunkulu
Ngokwesihawu sakhe
Wangisindisa izolo,
Namuhla naphakade
Nginefa ezulwini
Igugu lami lona
Ngeke liphela
Ngeke libhuna
Kuze ngifike khona
Ngihamba emhlabeni
Ithemba alipheli
Ujesu kristu owangifela
Wavuka ethuneni
Ngidabukisw' ilingo
Vivinywa ukukholwa
Noma kuyasha nginenjabulo
Ngojesu ngilondolozwa
7
Mhla unenkathazo
Mtshele ujesu mtshele ujesu
Uyena okukhathalela
Mtshele ujesu mtshele ujesu
Unguyena onamandla ukukulungisela
Mhla unenkathazo
Mtshele ujesu mtshele ujesu
8
Kakhulu kunokudla ngiswel'uthando lwakho
Kakhulu kunomoya wokuphefumula
Ngiyafisa ube nami
Ngiyafun'uthando lwakho
Obab'akhekho 'fana nawe
Kakhulu kunomndemi ngizokulalela
Kakhulu kunabantu ngizokwesaba
Kakhulu kunamandla umoya wobumnene
Kakhulu kunesizwe ikhaya ezulwini
9
Amazulu ayalanda inkazimulo yakhe
Shumayela ubusuku ubukhulu bakhe
Mlomo khuluma nhliziyo zindla
Ngezinto ezimdumisayo
Ilanga lona liyashisa knke emhlabeni
Liphuma linamandla; liyasa njengomyeni
Ayikh' indawo, azikh'izizwe abangazwanga bona
Ngenkazimulo kajehova owasibeka khona
Umthetho kodwa uayvusa umphefumulo wami
Ujabulisa inhliziyo, khanyis' amehlo ami
Dwala lami nomhlengi wami
10
Ukukhonza okumhlophe okungenabala
Phambi kukababa
Yilokhu ukuhambela izintandane
Nabafelokazi
Nokuzigcina kungabi -
Yicala lokwezwe
Onomusa kompofu utsheleka ujehova
Nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye
Ovala indlebe ngokukhala kompofu
Naye uyakukhala angaphendulwa
Lulisandla kumntwana, mkhonze ujehova
11
Ngisemhlabeni ikhaya lisezulwini
I am going home some day
Ngob'ujesu wangifela mina
Walungis'ikhaya laphaya
Woza nami sizombon' ubaba
Ungayithol' indawo ekhaya
12
Makabongwe makabongwe
Wasizala kabusha
Kwesihawu Sakhe
Sinethemba sinethemba
Eliphilileyo
Ngokuvuka Kwakhe
Sibenefa sibenefa
Elingapheliyo
Es'gcinelwe Nguye
Ezulwini ezulwini
Asilondoloza
Sizohlala Naye
13
Ngubani ozasihlukanisa naye
Akakho noyedwa cha cha cha
Uthando lwakhe lumi njalo
Jesu krist ' inkosi yethu
Ngubani ozasihlukanisa naye
Akakho noyedwa cha cha cha
Ukuhlupheka nokubandazeka
Ukufa nolaka cha cha cha
Uthando lwakhe lumi njalo
Jesu krist ' inkosi yethu
14
Mbonge mbonge
mphefumulo wam'
Ujehova uyinkosi yam'
Bab'ongcwele wangidala
Ukuphila lapha emhlaben'
Na phakade ezulwini
Ngiyabonga ungubaba wam'
Jesu kristu wasehlela
Thina sonke ukusifela
Sisindise sibenawe ezulwini,
Uyinkosi yam'
Moy'ongcwele usekhona
Emhlabeni ebandleni la
Ungibuse ngigcwalise
Ngenze ngifuz'ongubaba wam'
15
Egameni likajesu kukhona ukuthethelelwa
Ngoba ngithemba ukulunga kwakhe angisaziphindiseli
Nguyen' okwahlulelayo
Unguye othethelelayo
Izono zami zazibomvu njengigazi lona
Wathatha isijeziso sami wazingisulela zona
Izenzo zakho umfowethu zingangikhubekisa
Ngomoya kakristu ngithandaza ukuthi wakheke nga--ye
16
Masibambisane masibambisane
Taking hold together we stand a better chance
Masibambisane masibambisane
To make a real impact and halt aids grim advance
Masibambisane masibambisane
Inqola iyobhajwa sonke singakwenzi
Masibambisane masibambisane
Okuphambi kwethu, ingxenye yomsebenzi
Sinendlu enkulu thina, khona la emkhanyakude
Lapho sixoxisana khona, sihlel'impi yokunqoba
Isitha sethu, ukufa kwengculaza, kungenile emakhaya
Kuhluph'obaba nomama nabasha, sizokushaya zonk'indawo
Kuyavela
Uma indlu iyakheke kayidlulwa ngeke ngeke
Izinsika nezingodo nez'phikili nezibopho
Ziyadinga izandla zenu iminyango kahulumeni
Yezimpilo nezimfundo nhlalakahle nezolima
Nani nonke
Amathando, mafasitela neminyango nenhluthulelo
Mayading' ukuqiniswa izandla zenu bandla kakristu
Namakhosi namaspala uhulumeni wasemakhaya
Nani nonke
Uphahla izindonga namagceke nezihlahla
Kulungiswa ngamaqembu nemihlangano nhlobonhlobo
Noma sizama sowaqeda amagama abo - ngeke
Nikhona nonke
Indlu yethu inemkhamelo - elinye naku 'Nakekelisizwe'
Nendawo yabanursa emakhaya, namathuba womsebenzi
Intsha ifundiswe khona ukuzivikela kwesifo kwengculaza
Kuyalashwa, kuchatshangelwa konke kuhlangene ekhaya
Sibambisene
Songs and music original
composed by V G Fredlund
Voices:
Rachel Fredlund
Benjamin Fredlund
Victor Fredlund
Benjamin Fredlund
Victor Fredlund
Guitar: Victor Fredlund
Nkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilo nalo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.
UJesu wathi “ mina ngize ukuba babe-nokuphila, babe-nakho kuchichime!”
God loved the world so much that he gave his only son so that who ever believed on him would not perish but have life for ever.
Jesus said “ I came so that they may have life, and have it abundantly!”
The proceeds from the sale of this cd are ear marked to be devided between Lulisandla Kumntwana , AIDS orphan care project and Umhlahlindlela Music association.
Lulisandla Kumntwana
Over 20% of adults in South Africa are HIV Positive. This shocking statistic has prompted a response from the government and NGOs to help those with the disease. There is much research being done into the treatment of those with AIDS, but as time ticks by there is an increasing need to provide care for the children left behind as a result of this devastating disease. Lulisandla Kumntwana is a project which seeks to provide help and support to orphans in the area around Mseleni and Mbazwana in northern KwaZulu Natal, mobilising the church to care for those in need.
"Religion that God our Father accepts as pure and faultless is this: to look after orphans and widows in their distress" James 1:27
As Christians who serve God our Father we seek to obey this command out of love for God for what He has done for us. We are a group of Christians who are responding to the tremendous need of the people in our area.
Learn more on www.mseleni.co.za
Umhlahlindlela Music Association
This is an association of music groups at Mseleni.
It aims to promote local musical talent and musical expression by encouraging interaction between these groups at combined concerts and practice sessions as well as assisting one another to record and distribute our work.
There is a tremendous variety of style of music, both accompanied and unaccompanied, in groups around Mseleni but it is extremely hard for these groups to get their work even aired on the local radio due to a lack of recording facilities. This project seeks to overcome some of these difficulties.
